Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseGalathiya 2:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha kuthe sengibonile ukuthi kabahambisi ngokweqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ongumJuda uhamba ngokwabezizwe, ungahambi ngokwabaJuda, ubaphoqa kanjani abezizwe ukuba bahambe ngokwabaJuda na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Kepha lapho ngikubona lokhu ukuthi abahambi ngokufanele iqiniso levangeli, ngathi kuKhefase phambi kwabo bonke: “Uma wena ungumJuda uziphatha njengowezizwe, hhayi njengokwabaJuda, pho baphoqelwani abezizwe ukuba baphile njengabaJuda na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kodwa kuthe ngibona ukuthi kabahambanga ngokuqondileyo njengokweqiniso levangeli, ngathi kuPetro phambi kwabo bonke: Uba wena ongumJuda uphila ngendlela yabezizwe, hatshi eyamaJuda, ubacindezela ngani abaJuda? AbeZizwe ukuba baphile njengamaJuda?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa kuthe ngibona ukuthi kabahambanga ngokuqondileyo njengokweqiniso levangeli, ngathi kuPetro phambi kwabo bonke: Uba wena ongumJuda uphila ngendlela yabezizwe, hatshi eyamaJuda, ubacindezela ngani abaJuda? AbeZizwe ukuba baphile njengamaJuda?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseGalathiya 2:14
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.


Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,


Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na? Madodana abantu, nahlulela ngobuqotho na?


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.


Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala,


“ ‘Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.


Wayesethi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile.


Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”


Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona,


Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.


Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi.


Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu.


Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli,


Kepha ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke.


esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela, ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina.


Kepha kunalokho, lapho bebona ukuthi ngithenjiwe ngevangeli kwabangasokiyo njengoPetru kwabasokayo,


bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,


Bonke abafuna ukubukeka enyameni, yibona abaniphoqela ukusoka, kuphela ukuba bangayikuzingelwa ngenxa yesiphambano sikaKristu.


ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli


Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.


nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuba okuqhugayo kungaphinyizeki, kepha kunalokho kuphulukiswe.


kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ