Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KwabaseGalathiya 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Kepha noma ngabe yithi noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli ngaphandle kwalelo esanishumayeza lona, lowo makaqalekiswe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha noma yithina noma ingelosi evela ezulwini inishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe ngoqalekisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KwabaseGalathiya 1:8
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Makaqalekiswe uKhanani, abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”


Wayesethi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi.’ ” Kodwa waqamba amanga kuye.


Ngabasola ngalokho, ngabathuka, ngashaya abanye abantu, ngabahluthula izinwele, ngabafungisa uNkulunkulu, ngathi: “Ninganiki amadodana abo amadodakazi enu, ningathatheli amadodana enu amadodakazi abo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ningawalaleli amazwi abaprofethi abaprofetha kini; banifundisa okuyize, bakhuluma umbono wenhliziyo yabo, kungengokuvela emlonyeni kaJehova.


Indaba kaJehova anisayikuyikhumbula, ngokuba izwi lalowo nalowo muntu liyakuba yindaba yakhe, lokhu niwahlanekezele amazwi kaNkulunkulu ophilayo, uJehova Sebawoti, uNkulunkulu wethu.


“Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Wayeseqala ukuthuka nokufunga, ethi: “Angimazi lowo muntu enikhuluma ngaye.”


Bona base beza kubapristi abakhulu nasemalungeni, bathi: “Sizibophe ngesilokothelo sokuthi asiyikuzwa ukudla size simbulale uPawulu.


Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo;


Ngokuba ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;


Ngakho ngiyanazisa ukuthi: Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: “Kathukwe uJesu;” futhi akukho muntu ongathi: “UJesu uyiNkosi,” kuphela ngaye uMoya oNgcwele.


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi!


Njengalokho sesishilo, ngisaphinda nakalokhu, ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo, makabe ngoqalekisiweyo.


Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.”


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwe kanye nakabili male,


Ngalokho seniqalekisiwe, akuyikunqamuka ukuvela kini izigqila, abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo indlu kaNkulunkulu wami.”


benamehlo agcwele ukuphinga nangayeki izono, bayenga imiphefumulo engaqinile, benenhliziyo ejwayele ukufisa, abantwana bokuqalekiswa,


Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ