Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 9:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 9:28
42 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyakuthiwa ngalolo suku: “Bheka, lo unguNkulunkulu wethu; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.”


“Anidlanga ngani umnikelo wesono endaweni yendlu engcwele, njengokuba ungcwelengcwele, futhi niphiwe wona ukuba nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, na?


Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.


UJehova wathi ku-Aroni: “Wena namadodana akho nendlu kayihlo kanye nawe niyakuthwala ububi bendlu engcwele; wena namadodana akho kanye nawe niyakuthwala ububi bobupristi benu.


Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.


neduna libe linye, nenqama ibe nye, nemvu yeduna enomnyaka munye, kube ngumnikelo wokushiswa,


njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


“Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo;


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.


Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.


athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”


ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili


Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.


Ngokuba ukufa, afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu.


akusikho lokho kuphela, kepha nathi uqobo lwethu esinolibo lukaMoya siyabubula phakathi kwethu, silindele isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


ukuze ningasilalelwa nasinye isiphiwo somusa, nisahlalele ukwambulwa kweNkosi yethu uJesu Kristu,


Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.


Kepha siyanxusa, bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo,


sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.


sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu


Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?


Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.


Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi;


thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,


Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.


esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,


ongadingi imihla ngemihla njengalabo bapristi abakhulu ukunikela ngemihlatshelo ngenxa yezakhe izono kuqala nangasemuva ngenxa yezabantu; ngokuba wenza lokho kanye mhla ezinikela yena.


kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi, njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka, ephethe igazi elingesilo elakhe;


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,


nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe, kuncibilike, na?


Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.


Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.


nizigcine othandweni lukaNkulunkulu, nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade.


Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye. Yebo, Amen.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ