Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 9:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Ngokuba uKhristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Ngoba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso weyeqiniso; kodwa ungene ezulwini uqobo, ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngoba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso weyeqiniso; kodwa ungene ezulwini uqobo, ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 9:24
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.


Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.


“U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.


Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye.


Bhekani ningadeleli namunye kulaba abancinyane, ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


“Thina simzwile ethi: ‘Ngiyakulidiliza leli thempeli elenziwe ngezandla, ngakhe ngezinsuku ezintathu elinye elingenziwe ngezandla.’ ”


Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.


Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”


Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?


okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.


Ngubani ozakumangalela abakhethiweyo bakaNkulunkulu na? UNkulunkulu ungolungisisayo;


Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.


lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.


isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”


Kepha nesivumelwano sokuqala kambe sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni.


Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena.


elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje, okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza,


okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.


Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ