Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 9:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wathatha igazi lamathole, elezimbuzi, amanzi, uboya obubomvu nehisophi, wafafaza incwadi nabantu bonke,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Ngokuba uMose eseshilo yonke imiyalo kubantu bonke ngokomthetho, wathatha igazi lamathole nelezimbuzi, kanye namanzi, noboya obubomvu, nehisopi, wafafaza incwadi nabantu bonke;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngokuba uMose eseshilo yonke imiyalo kubantu bonke ngokomthetho, wathatha igazi lamathole nelezimbuzi, kanye namanzi, noboya obubomvu, nehisopi, wafafaza incwadi nabantu bonke;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 9:19
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni.


kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.


“ ‘Uma umnikelo wakhe nomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ungowezimvu, noma iduna noma insikazi, wonikela ngawo ungenasici.


umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisopi,* aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende, nezitsha zonke, nabantu ababelapho, nowathinta ithambo, noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna,


umpristi uyakuthabatha umsedari,* nehisopi,* nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.


Ayesemembathisa ingubo ebubende, amcwashelisa ngomqhele ayeweluke ngameva.


Esembhinqile amhlubula ingubo ebubende, amembathisa izingubo zakhe. Ayesephuma naye ukuba ambethele esiphambanweni.


Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe, amembathisa ingubo ebubende;


Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende. Wathi kubo uPilatu: “Bhekani lo muntu!”


UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;


ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.


nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.


Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama,


Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ