Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 7:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele thina, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, owenziwa aphakame phezu kwamazulu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 7:26
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wena wenyukela phezulu, wathumba izithunjwa, wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo, ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.


“Uyakwenza ungcwecwe wegolide elicwengekileyo, uqophe kuye njengokuqoshwa kwendandatho ukuthi: ‘Wahlukaniselwe uJehova’.


Babeka ithuna layo kanye nababi; ekufeni yayinabenza okubi, noma ingenzanga indluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.


Ngosuku angena ngalo endlini engcwele egcekeni elingaphakathi ukuyokhonza endlini engcwele, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono, isho iNkosi uJehova.


“ ‘Ngosuku lwesihlanu: izinkunzi eziyisishiyagalolunye, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,


Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.


Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.


Wayesethi kubo ngokwesithathu: “Kanti lo wenze bubi buni na? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.”


thina kambe ngokufaneleyo, ngokuba samukela okulingene nesikwenzile; kepha lo akenzanga lutho olubi.”


Induna yekhulu ibone okwenzekileyo yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Nempela lowo muntu ube ngolungileyo.”


UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?”


Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,


Angisayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho kimi,


Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”


kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali,


“Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.


Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho – kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?


Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;


“Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,”


okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.


yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.


Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ