Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 7:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uma-ke kwakukhona ukuphelela ngobupristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho – kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokukaMelkisedeki engabizwa ngokokuma kuka-Aroni na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Uma-ke ukuphelela kutholakala ngobuphristi bukaLevi ngokuba isizwe samiselwa bona ngomthetho, pho kusadingeke ngani ukuba kuvele omunye umphristi ngokokuma kukaMelkhizedeki, kungabi ngokohlelo luka-Aroni na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngakho-ke uma ukuphelela kwakukhona ngobupristi bukaLevi, ngokuba abantu bawemukela umthetho ngaphansi kwabo, kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokokuma kukaMelkisedeki, angabizwa ngokokuma ka-Aroni na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho-ke uma ukuphelela kwakukhona ngobupristi bukaLevi, ngokuba abantu bawemukela umthetho ngaphansi kwabo, kwakusaswelekelani ukuba kuvele omunye umpristi ngokokuma kukaMelkisedeki, angabizwa ngokokuma ka-Aroni na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 7:11
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Angiwenzi ize umusa kaNkulunkulu, ngokuba uma ukulunga kuya ngomthetho, khona uKristu wafela ize.”


Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe;


kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?


ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.


njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki,”


lapho uJesu eyisigijimi sokusandulela wangena khona, esewaba ngumpristi omkhulu kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki.


ngokuba wayesesokhalweni lukayise mzukwana uMelkisedeki emhlangabeza.


Ngokuba uma ubupristi buguquliwe, kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.


Kepha lowo okushiwo lokho ngaye ungowesinye isizwe okungabanga bikho kuso umuntu owake wakhonza e-altare.


Ikakhulu kusobala lokho, uma kumiswa omunye umpristi ofana noMelkisedeki,


kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi: “INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi: ‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”


Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili.


Kepha lezo zinto zilungisiwe ngokunjalo, abapristi bangena njalo etabernakele* lokuqala befeza izinkonzo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ