Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 6:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Leli themba sinalo linjengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 6:19
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.


Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Ngalokho ithi iNkosi uJehova: “Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo, itshe elivivinyekileyo, itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso; okholwayo kayikubaleka.


Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,


UJehova wathi kuMose: “Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.”


Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba; namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.


Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;


Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.”


besaba ukuthi mhlawumbe singashayeka ezindaweni ezinamadwala, baphonsa amahange* amane ngasemuva, bafisa ukuba kuse.


Banquma amahange* bawashiya elwandle, bathukulula futhi izintambo zamaphini okuqondisa, baphakamisela emoyeni indwangu ephambili, baqonda ogwini.


Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke,


owathi kungekho themba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: “Yoba njalo inzalo yakho;”


ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba;


Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.


Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu,


okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;


Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele* elithiwa elingcwelengcwele,


kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ