Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi: “UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele,”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Kanjalo noKhristu akazinikanga Yena udumo lokuba ngumPhristi Omkhulu, kodwa wadunyiswa yilowo owakhuluma kuye wathi: “Wena uyiNdodana yami; namuhla ngikuzele.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena ukuba abe ngumpristi omkhulu; kodwa owathi kuye: Wena uyiNdodana yami, lamuhla ngikuzele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kanjalo noKristu akazikhazimulisanga yena ukuba abe ngumpristi omkhulu; kodwa owathi kuye: Wena uyiNdodana yami, lamuhla ngikuzele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 5:5
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizakulanda ngesinqumo: uJehova wathi kimi: “Uyindodana yami wena; namuhla ngikuzele.


“Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye.


UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu.


ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile sona kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili ukuthi: “ ‘Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele.’


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi,


Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: “UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele,” na? nokuthi: “Ngiyakuba nguYise kuyona, yona ibe yiNdodana kimina,” na?


Ngakho-ke kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumpristi omkhulu ohawukelayo nothembekayo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ