Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 5:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, asebenomqondo oqeqeshekileyo, asebekwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Kodwa ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, labo abathi ngokujwayela ukuzwisisa, sebekufundise ukuhlukanisa okuhle lokubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kodwa ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, labo abathi ngokujwayela ukuzwisisa, sebekufundise ukuhlukanisa okuhle lokubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 5:14
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.”


“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


Wathi uNkulunkulu kuye: “Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho, uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni,


Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?”


Indlebe ayivivinyi yini amazwi, njengolwanga lunambitha ukudla, na?


Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi, njengokuba ulwanga luzwa ukudla.


Kukhona ukungalungi olimini lwami yini, ulwanga lwami alunakuqonda okubi na?


Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami.


Amafutha akho anephunga elimnandi; igama lakho linjengamafutha athululiweyo; ngalokho izintombi ziyakuthanda.


Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


Uyakudla amangqanga nezinyosi aze azi ukwala okubi, akhethe okuhle.


Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.


Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi ngokwahlulela ngezizindlo.


Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo.


ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,


size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu,


Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,


kepha wale izinganekwane ezingcolileyo nezezalukazi. Kepha zijwayeze ekumesabeni uNkulunkulu.


Ngakho-ke masidlule esifundisweni sokuqala ngoKristu, siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu,


Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ