Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Pho-ke yibaphi abezwayo bahlubuka na? Akusibo yini bonke abaphuma eGibhithe ngoMose na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngoba abanye sebezwile bathukuthela, kodwa kakusibo bonke abaphuma eGibhithe ngoMozisi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngoba abanye sebezwile bathukuthela, kodwa kakusibo bonke abaphuma eGibhithe ngoMozisi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 3:16
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nokho baqhubeka benza ukona kuye, baphambana noPhezukonke ehlane.


Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane, bemdabukisa kwahlongasibi.


AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele lo muzi ngomlilo, awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.


ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo.


ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe, lapho niyile khona ukugogobala, ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba, na?


UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: “Koze kube nini laba bantu bengidelela na? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?


Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni; yonke inhlangano yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kuleli hlane.


kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.


abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawo madoda ukuhlola izwe basinda.


Bathi omunye komunye: “Masibeke induna, sibuyele eGibithe.”


Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


uJoshuwa indodana kaNuni omi phambi kwakho uyakungena khona; mqinise wena, ngokuba uyakumenza u-Israyeli adle ifa lalo.


Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke, ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ