Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Kepha omunye ufakazile kwenye indawo, wathi: “Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kodwa omunye wafakaza endaweni ethile esithi: Uyini umuntu ukuthi umkhumbule? Kumbe indodana yomuntu ukuthi uyihambele?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kodwa omunye wafakaza endaweni ethile esithi: Uyini umuntu ukuthi umkhumbule? Kumbe indodana yomuntu ukuthi uyihambele?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 2:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”


Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?


Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu, nendodana yomuntu eyisibungu, na?”


Jehova, uyini umuntu ukuba umazi, nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?


Zonke izizwe zinjengento engelutho phambi kwakhe, zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.


“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko.


ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esizakuhanjelwa ngayo ngukusa kwaphezulu,


Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.


Ngokuba ushilo endaweni ethile ngosuku lwesikhombisa ukuthi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke,”


njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi: “Wena ungumpristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkisedeki,”


bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ