Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 2:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 futhi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” futhi: “Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 futhi uthi: “Ngiyakubeka ithemba lami kuye,” abuye athi: “Sengilapha, mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Futhi futhi: Ngizabeka ithemba lami kuye. Futhi futhi: Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi futhi: Ngizabeka ithemba lami kuye. Futhi futhi: Bheka mina nabantwana uNkulunkulu anginike bona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 2:13
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waphakamisa amehlo akhe, wabona abesifazane nabantwana, wathi: “Bangobani laba onabo na?” Wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ayiphe bona inceku yakho ngomusa.”


UJosefa wathi kuye: “Ngamadodana ami angiphe wona lapha uNkulunkulu.” Wayesethi: “Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.”


uNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova, isithelo sesisu singumvuzo.


Ngilondoloze, Nkulunkulu, ngokuba ngiyaphephela kuwe.


Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.


uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami noNkulunkulu wami engimethembayo.”


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Nokho uJehova wathanda ukuyishaya ngezifo; lapho wenza umphefumulo wayo ube ngumnikelo wecala, iyakubona inzalo yayo, yenze izinsuku zayo zibe ziningi, nentando kaJehova iyakuphumelela esandleni sayo.


Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”


UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.


Ngokuba noma ninabafundisi abayizinkulungwane eziyishumi kuKristu, nokho oyihlo kababaningi, ngokuba mina nganizala kuKristu Jesu ngevangeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ