Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 13:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 13:7
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma ungakwazi wena muhlekazi phakathi kwabesifazane, phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi, waluse amazinyane akho ngasematendeni abelusi.


“Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?


Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?


Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha,


“Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.


Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani, sesiphendukela kwabezizwe.


Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo.


Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.


Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.


Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.


Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.


Ngakho-ke ngiyanincenga ukuthi: Yibani abalingisi bami.


Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini.


Nani naba ngabalingisi bethu, nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,


Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.


Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu,


kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise.


kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? –


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.


Khonzani kubo bonke abaniholayo nakubo bonke abangcwele. Abase-Italiya bayakhonza kini.


ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.


uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


Mina Johane, umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu, ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.


Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.


Nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababe nabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ