Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 12:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Ngakho-ke lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Ngakho-ke njengalokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibambelele emseni, simkhonze uNkulunkulu ngendlela efaneleyo; ngokumthokozisa, ngokumhlonipha nangokuthuthumela,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 12:28
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, dwala lami nomhlengi wami.


Mkhonzeni uJehova ngokwesaba, nethabe ngokuthuthumela.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye.


Ophanga uyise nonina, ethi: “Akusiso isiphambeko,” yena ungumngane wochithayo.


yebo, nabo ngiyakubayisa entabeni yami engcwele, ngibathokozise endlini yami yokukhuleka; iminikelo yabo yokushiswa nemihlatshelo yabo iyakwamukeleka e-altare lami, ngokuba indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka phakathi kwabantu bonke.”


Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.


“Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Yanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwayo kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.


Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; umbuso wakhe ungumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


“Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.


uyakuba yinkosi yendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyikuba nakuphela.”


Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba;


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu


Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.


makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa lapho nonile na? Kepha uma nibekezela lapho nenze okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu.


nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.


nowasenza sibe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu uYise, kuye makube yinkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.


ngubani ongayikwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba wena wedwa ungcwele, nezizwe zonke ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga zibonakalisiwe.”


wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, babuse emhlabeni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ