Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 12:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Lokho kokuthi: “Kusezakuba kanye” kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Lokhu ukuthi: “Ngisazophinda,” kutshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, okungukuthi izinto ezidaliweyo, ukuze lokho okungazanyazanyiswanga kume.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Lelilizwi elithi: Kusezakuba kanye, litshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuthi okwenziwayo, ukuze kuhlale okunganyikinywayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Lelilizwi elithi: Kusezakuba kanye, litshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuthi okwenziwayo, ukuze kuhlale okunganyikinywayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 12:27
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.


Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa, kepha umusa wami awuyikumuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,” usho uJehova okuhawukelayo.


“Ngokuba bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.


“Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” usho uJehova, “kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.


Kuyakugumbuqelwa, kugumbuqelwe, kugumbuqelwe yimi; nalokhu akuyikuba khona, aze afike yena omfanelo ingeyakhe, ngimnike khona.’


“Yisho kuZerubabele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngiyakuzamazamisa amazulu nomhlaba,


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.


ethembeni lokuthi nakho okudaliweyo kuyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.


nabasebenzisa leli zwe babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyadlula.


nokuthi: “Wena Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; amazulu angumsebenzi wezandla zakho.


Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha siyawufuna ozayo.


Kepha lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele* elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa,


Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini athi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho.


azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”


Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ