Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 12:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 kungabikho oyisifebe noma odumazayo njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Makungabi bikho muntu oxegelwa yisimilo, kumbe odumazayo njengo-Esawu owathengisa ngobuzibulo bakhe ngesidlo esisodwa nje.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 funa kube khona isifebe, noma ohlambalazayo, njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngokudla kanye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 funa kube khona isifebe, noma ohlambalazayo, njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngokudla kanye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 12:16
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Aliqanjwanga kahle igama lakhe ngokuthi uJakobe na? Ngokuba sekukabili engiqinela; wathatha ubuzibulo bami; bheka, manje usethathe isibusiso sami.” Wathi: “Mina, awungigodlelanga sibusiso na?”


ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala,


kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.


zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle.


Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.


funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,


Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.


Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,


ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ