Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 11:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

36 abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 11:36
45 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni.


USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?”


uthi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”


Wenyuka lapho, waya eBethele; esenyuka endlelni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: “Yenyuka wena mpandlandini! Yenyuka wena mpandlandini!”


U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi,* ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi.


nithi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”


Izigijimi zazilokhu zidlula emizini ngemizi ezweni lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni; kepha bazihleka usulu, baziklolodela.


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.


Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami, wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.


‘UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni;


“Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: ‘Ake uyithenge insimu yami ese-Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona.’ “Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.


Hamba wena, ufunde emqulwini owulobileyo, uthathe emlonyeni wami, amazwi kaJehova ezindlebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo.


Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo, kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.


Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya esavalelwe egcekeni letilongo, lithi:


“Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.


bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”


“Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.


Ngakho-ke, bhekani, mina ngithuma kini abaprofethi, nabahlakaniphileyo, nababhali; abanye kubo niyakubabulala, nibabethele; abanye niyakubashaya emasinagogeni* enu, nibaxoshe imizi ngemizi


Wayesebakhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.


bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”


Ngokuba izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, idunyazwe, ikhafulelwe ngamathe,


Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.


Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Kepha sekuphelile iminyaka emibili, uFeliksi walandelwa nguPorkiyu Festu; kodwa uFeliksi efuna ukubongwa ngabaJuda washiya uPawulu eboshiwe.


bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile.


babamba abaphostoli, babafaka etilongweni lombuso.


Base bebabiza abaphostoli, babashaya, babayala ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, babakhulula.


Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.


Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe –


Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,


engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.


Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe, futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.


Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezesasile, bathi: “Mbizeni uSamsoni ukuba asidlalele.” Bambiza uSamsoni esetilongweni, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ