Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 11:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokukholwa uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bambona engumntwana omuhle; futhi abawesabanga umyalo wenkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 11:23
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?


KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na?


yathi: “Nxa nibelethisa amaHeberukazi, niwabona esesihlalweni sokubeletha, uma kuyindodana, anoyibulala, kepha uma kuyindodakazi, izakuphila.”


UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.


“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla ngezithuko zabo.


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


“Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, waba muhle kuNkulunkulu; wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise;


ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ