Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 10:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya. yomusa?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya yomusa?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 10:29
40 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi: “Mphonseni phansi.” Zamphonsa; igazi lakhe lasaphazeka odongeni nasemahhashini; wamnyathela phansi kwezinyawo zakhe.


Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.


Uyakunyathela ingonyama nebululu, unyathele phansi ibhongo lengonyama nodrako.*


UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: “Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi.”


Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abahlatshwe yinkemba, abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo.


Umqhele wokuziphakamisa wezidakwa zakwa-Efrayimi uyakunyathelwa ngezinyawo,


Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”


“INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami; ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami; iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini intombi eyindodakazi yakwaJuda.


“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona ungqasha egazini lakho, ngathi kuwe: Wena osegazini lakho: “Phila!” yebo, ngathi kuwe, wena osegazini lakho: “Phila!”


Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”


Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.


“Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele* enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.


Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe –


Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa, kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele kayikuthethelelwa.


nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na?


Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.


“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.


Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.


Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi.


Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi.


Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.


Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe. Kepha nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe,” kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe.


Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.


ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi,


Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,


Ngokuba ongcwelisayo nabangcweliswayo bonke baphuma kumunye; ngakho-ke akananhloni ukubabiza ngokuthi: Ngabafowethu,


thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,


Ngakho-ke lokhu sinomPristi omkhulu kakhulu odabulile amazulu, uJesu iNdodana kaNkulunkulu, masibambelele kuso isivumo sethu.


Ngokuba akunakwenzeka ukuba labo asebake bakhanyiswa banambitha isiphiwo sasezulwini, benziwa abahlanganyeli kuMoya oNgcwele,


babuye bahlubuka – akunakwenzeka ukuba babuye bavuswe, baphenduke, lokhu sebezibethelela iNdodana kaNkulunkulu, bayithela ngehlazo obala.


Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama,


ethi: “Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu.”


nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ