Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 10:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Noma ngubani ophule umthetho kaMose uyakufa engenakuhawukelwa ngezwi lofakazi ababili noma abathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Odelele umthetho kaMose wafa engenasihawu ngofakazi ababili noma abathathu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Odelele umthetho kaMose wafa engenasihawu ngofakazi ababili noma abathathu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 10:28
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.” UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.


Udeleleleni izwi likaJehova ukuba wenze okubi emehlweni akhe na? Ubulele u-Uriya umHeti ngenkemba, wathatha umkakhe abe ngumkakho, wambulala ngenkemba yabantwana bakwa-Amoni.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”


Yonke inhlangano yamkhiphela ngaphandle kwekamu,* yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Kodwa uma engakuzwa, thatha futhi abe munye noma bebabili kanye nawe ukuba onke amazwi aqiniswe ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu.


Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.


Ngokuba kuMose uthi: “Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.”


Lokhu kungokwesithathu ngiza kini. “Ngemilomo yawofakazi ababili nabathathu izindaba zonke ziyakuqiniswa.”


Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wolikhipha igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.


“Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi, noma ngesono, noma kuyisiphi isono ona ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukuphambuka nokungalaleli kwaphindiselwa ngokufaneleyo,


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ