Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




KumaHeberu 10:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Kodwa Yena, esenikele ngomhlatshelo kwaba kanye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono phakade, wahlala phansi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono phakade, wahlala phansi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




KumaHeberu 10:12
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


ngubani olahlayo na? UKristu Jesu owafayo, yebo impela, owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguyena osinxuselayo.


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;


Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,


Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.


Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.


Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;


ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.


ongadingi imihla ngemihla njengalabo bapristi abakhulu ukunikela ngemihlatshelo ngenxa yezakhe izono kuqala nangasemuva ngenxa yezabantu; ngokuba wenza lokho kanye mhla ezinikela yena.


Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini,


wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ