Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 8:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

38 Ngikhuluma lokho engikubonileyo kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwileyo kuyihlo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

38 Mina ngikhuluma lokho engikubonile kuBaba; nina nenza lokho enikubonile kuyihlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Mina ngikhuluma lokho engikubonile kuBaba; nina nenza lokho enikubonile kuyihlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 8:38
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe.


Ongangithandiyo kagcini amazwi ami, nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo.


Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.


Akubonileyo nakuzwileyo lokho ufakaza ngakho; kepha akakho owamukela ubufakazi bakhe.


Khona uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.


Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.


Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.”


Nina nenza imisebenzi kayihlo.” Bathi kuye: “Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.”


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ