Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 7:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Bheka, ukhuluma obala, kabasho lutho kuye. Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Nangu nje ukhuluma esidlangalaleni, kodwa abasho nolunci kuye. Ngabe mhlawumbe ababusi bayazi ngokweqiniso ukuthi lo muntu unguKhristu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Kodwa khangela, ukhuluma ngesibindi, kodwa kabatsho lutho kuye. Ingabe ababusi bayazi ngempela ukuthi lo unguKristu?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kodwa khangela, ukhuluma ngesibindi, kodwa kabatsho lutho kuye. Ingabe ababusi bayazi ngempela ukuthi lo unguKristu?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 7:26
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ababi bayabaleka, noma kungekho obaxoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Akayikudangala, aphele amandla, aze amise ukwahlulela emhlabeni; neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.”


Bathuma kuye abafundi babo kanye nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu.


UPilatu wabizela ndawonye abapristi abakhulu nababusi nabantu,


Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.


Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;*


UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.


Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda.


“Wozani nibone umuntu ongitshele konke engikwenzileyo; kungebe nguye uKristu na?”


Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na?


Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”


Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na?


Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.*


Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;


nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ