Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 7:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Uma umuntu efuna ukwenza intando kaNkulunkulu, uyakwazi ngemfundiso, ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami nje.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 7:17
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.


Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.


Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo; uyakubazisa isivumelwano sakhe.


Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke.


ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova. kepha abaqotho bayisifuba sakhe.


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.


Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe; uyakusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe, ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.


Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.


“Isibani somzimba yiso. Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.


Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.


Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”


Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.


OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”


Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ