Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 6:62 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

62 Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

62 Pho-ke niyakuthini lapho nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yavela khona na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

62 Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

62 Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 6:62
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.


Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”


Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”


Bathi-ke: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”


Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu.


Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.


okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ