Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 6:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 6:27
69 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizakulanda ngesinqumo: uJehova wathi kimi: “Uyindodana yami wena; namuhla ngikuzele.


Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:


“Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo.


Wonke umshikashika womuntu wenzelwa umlomo wakhe, nokho iphango alaneliswa.


“Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bakhandlekela umlilo, izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?


Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”


“Laba bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.”


“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.


UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”


Kwase kufika ifu, libasithibeza; kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.”


uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”


Kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.”


ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.


Bengazi mina ukuthi ungizwa njalo, kodwa ngenxa yesixuku esingiphahlileyo ngishilo lokho, ukuze bakholwe ukuthi nguwena ongithumileyo.”


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.


njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.


ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.


Owamukele ubufakazi bakhe ulubekile uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.


Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”


Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu.


Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.


Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.”


Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na?


USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.


Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”


lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,


Wasamukela isibonakaliso sokusoka, sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki, ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona,


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba;


Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.


thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.


Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.


Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’


ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe.


engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


okuphela konke ngokudliwa ngokweziyalezo nezifundiso zabantu


sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa, nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu,


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”


kungabikho oyisifebe noma odumazayo njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngesidlo sinye nje.


Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, ukuze kungawi muntu ngaleso siboniso sokungalaleli.


Ngokuba ilanga liphuma libalele, libunisa utshani, imbali yabo iwele phansi, nobuhle besimo sabo bunyamalale; kanjalo nesicebi siyakudlula ezindleleni zaso.


ngokuba, “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”


Ngokuba wamukela kuNkulunkulu uYise udumo nenkazimulo, lapho kwafika kuye izwi elinje, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo” –


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ