Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 5:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 “Mina angenzi lutho ngokwami, ngehlulela njengokuba ngizwa, futhi ukwehlulela kwami kuqotho, ngokuba angifuni yona eyami intando, kodwa intando yongithumileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Mina ngingenze lutho ngokwami; ngoba kangifuni intando yami, kodwa intando kaBaba ongithumileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Mina ngingenze lutho ngokwami; ngoba kangifuni intando yami, kodwa intando kaBaba ongithumileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 5:30
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”


ebusweni bukaJehova, ngokuba uyeza, yebo, uyeza ukwahlulela umhlaba; uyakwahlulela izwe ngokulunga, nezizwe ngokuthembeka kwakhe.


nomoya wokwahlulela kohlezi ekwahluleleni, namandla kubo ababuyisa impi esangweni.


UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho, uxoshile izitha zakho. INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi.


Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”


Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe.


Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.


Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.


Khona uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.


Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo.


Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.


Wathi kubo uJesu: “Uma uNkulunkulu ebenguyihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile.


Mina-ke angifuni olwami udumo; ukhona ofunayo nowahlulelayo.


ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.”


Siyazi ukuthi ukwahlulela kukaNkulunkulu ngokweqiniso kubehlela abenza okunjalo.


Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ