Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 4:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 UJesu wathi kuye: “Sifazane, ngikholwe. Siyeza isikhathi lapho ningasayukumkhonza uBaba kule ntaba naseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 4:21
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Usho kanje uJehova, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona, iphi indawo yami yokuphumula, na?


“Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na?


“Ndodana yomuntu, khuluma emalungeni akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nifike ukubuza kimi na? Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.’


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”


ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele,


Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.


Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.


“Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo,


ngokuba simzwile ethi uJesu lo waseNazaretha uzakuchitha le ndawo, aguqule imithetho asinika yona uMose.”


Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.


Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,


Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uMninimandla onke, iyithempeli lawo kanye neWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ