Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 19:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende. Wathi kubo uPilatu: “Bhekani lo muntu!”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Wayesephumela ngaphandle uJesu ethwele umqhele wameva, embethe nengubo ebukhwebezane. Wayesethi kubo: “Nangu-ke lo muntu!”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Khona waphuma uJesu, ethwele umqhele wameva, nengubo ebubende; UPilatu wasesithi kubo: Khangelani umuntu!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Khona waphuma uJesu, ethwele umqhele wameva, nengubo ebubende; UPilatu wasesithi kubo: Khangelani umuntu!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 19:5
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khuphukela entabeni ende, wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho, wena Jerusalema obika okujabulisayo, uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”


Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


“Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.


aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.


Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe, amembathisa ingubo ebubende;


sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ