Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 18:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 UJesu wamphendula, wathi: “Ngikhulumile esidlangalaleni ezweni. Ngezikhathi zonke, bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho kubuthana khona bonke abaJuda, angikhulumanga lutho ngasese.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 18:20
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho, ngikudumise phakathi kwebandla.


Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi.


Angikhulumanga ekusithekeni, endaweni emnyama emhlabeni; angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi: ‘Ngifuneni ngeze.’ Mina Jehova ngikhuluma ukulunga, ngimemezela okuqotho.


“Sondelani kimi, nizwe lokhu; angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.” Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.


“Ngakho-ke uma bethi kini: ‘Bhekani, usehlane,’ ningaphumi; noma bethi: ‘Bhekani, usendlini,’ ningakholwa;


Ngaleso sikhathi uJesu wathi ezixukwini: “Niphumile kungathi nize kumphangi, niphethe izinkemba nezinduku ukungibamba, na? Bengihlezi ethempelini imihla ngemihla ngifundisa, anangibamba.


Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe.


UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke.


UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke.


Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza.


Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo.


Wafundisa emasinagogeni* abo edunyiswa yibo bonke.


Ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.”


Lokho wakukhuluma esinagogeni* efundisa eKapernawume.


Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa.


Bheka, ukhuluma obala, kabasho lutho kuye. Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?


Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina.


Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.”


Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa.


Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.”


Ngokuba inkosi engikhuluma kuyo ngesibindi iyazi ngalezi zinto, ngokuba angikholwa ukuthi kukhona utho lwalokhu olufihlekile kuyo; ngokuba lokhu akwenziwanga engosini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ