Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 17:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Ngibazisile igama lakho, futhi ngizakulazisa ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngibazisile igama lakho, futhi ngizakulazisa ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 17:26
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho, ngikudumise phakathi kwebandla.


Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.


Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.


“Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami.


mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.


“Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.


Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.


Mina-ke angifuni olwami udumo; ukhona ofunayo nowahlulelayo.


Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono, kepha umoya ungukuphila ngenxa yokulunga.


Kepha ngaye nikuJesu Kristu owenzelwe thina ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu nokulunga kanye nokungcweliswa nokuhlengwa,


Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu.


akuseyimi ophilayo, kepha uKristu uphila kimi; kodwa ukuphila engikuphilayo kalokhu enyameni ngikuphila ngokukholwa, okungukukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo;


uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,


Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.


okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;


nigcwalisiwe kuye, yena oyinhloko yemibuso yonke namandla,


lapho kungekho mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.


Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,


ethi: “Ngizakushumayeza abafowethu igama lakho, ngihlabelele ngawe phakathi kwebandla,”


Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye uqobo uhlala kuye; siyazi ngalokho ukuthi uhlala kithi ngaye uMoya asinike yena.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ