Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 15:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 15:24
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye, kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;


Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye; kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye; kodwa nina, khona nikubona, aniguqukanga nakamuva, nize nikholwe nguye.”


Idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.”


Wayesevuka, wathatha masinyane uhlaka lwakhe, waphuma phambi kwabo bonke, baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Asizange sikubone okunje.”


Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,


UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”


Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi.


Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,


UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na?


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo.


Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


“Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa.


Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”


Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.


Wathi kubo uJesu: “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sihlezi.


lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,


beyizinyevuzi, nabazonda uNkulunkulu, nezidlova, nabazidlayo, nabazigabisayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali,


ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,


Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ