Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 13:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 “Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 13:18
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.


Wayesesuka u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ngenkemba, bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni.


Besadla, wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini uzakungikhaphela.”


Kepha waphendula wathi: “Ofake isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela.


Sebehlezi ekudleni, uJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Omunye kini, odla nami, uzakungikhaphela.”


Wathi kubo: “Ngomunye wabayishumi nambili, okha kanye nami esitsheni.


Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni.


UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.”


Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani.


Ngakho waphendula uJesu, wathi: “Yilowo engiyakumcwilisela ucezu, ngimnike lona.” Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe.


Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.


Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’


Lapho ngise nabo ezweni, ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona, ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo.


ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani.


Ngakho-ke akhuluma odwa, athi: “Asingalidabuli, kodwa asilenzele inkatho yokuthi liyakuba ngelikabani,” ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “Babelana izingubo zami, benzelana inkatho ngesambatho sami.” Lokho-ke akwenza amabutho.


Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyikwaphulwa thambo lakhe.”


Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami.


UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.”


“Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu,


kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile;


Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ