Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 11:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Iningi labaJuda lalifikile ukuzoduduza uMartha noMariya ngomnewabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Kwafika abaningi kumaJuda kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomnewabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kwafika abaningi kumaJuda kuMarta noMariya ukuze babaduduze ngomnewabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 11:19
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.


UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengalokho uyise angenzela umusa.” UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni.


kwasuka onke amadoda anamandla, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe, aziletha eJabeshi, awembela amathambo abo phansi kwe-oki* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze.


Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.


Kungcono ukuya endlini yokulila kunokuya endlini yedili, ngokuba lokho kungukuphela kwabantu bonke; nophilayo makakubeke enhliziyweni yakhe.


Lokhu kokubili kukwehlele; ngubani okukhalelayo na? Lapho kukhona incithakalo nokubhujiswa, ukulamba nenkemba, ngubani ongakududuza na?


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.


“Bezwile ukuthi ngiyabubula, kepha anginamduduzi. Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami; ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo. Ululethile usuku olumemezileyo, kepha ziyakuba njengami.


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Ngingafakaza ngokuthini ngawe, ngikufanise nani, ndodakazi yaseSiyoni, na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze, ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle. Ngubani ongakuphulukisa na?


Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo.


Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”


Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?”


Kwakukhona othile ogulayo, uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta.


AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza, bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: “Uya ethuneni ukuba akhale khona.”


Ngakho uJesu embona ekhala, nabaJuda abafika naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka;


Ngakho-ke abaJuda bathi: “Bheka, ukumthanda kwakhe okungaka.”


Khona abaningi kubaJuda ababezile kuMariya bebona abekwenzile, bakholwa nguye.


Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?”


osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.


Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.


Athatha amathambo abo, awembela phansi komtamariske* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ