Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 10:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Izimvu zami ziyalizwa ilizwi lami, lami ngiyazazi, futhi ziyangilandela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Izimvu zami ziyalizwa ilizwi lami, lami ngiyazazi, futhi ziyangilandela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 10:27
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.


“Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami,” usho uJehova, “kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.


Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.”


“Kepha waphendula wathi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: Anginazi.’


Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’


UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”


Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


“Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’


Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele.


“Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi,


Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.


Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga.


Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.


UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.”


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.


Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”


Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami.


Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’


kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.


kepha manje, njengalokhu senimazi uNkulunkulu, yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho, enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na?


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”


Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi: “Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,


Labo yibo abangangcoliswanga yisifazane, ngokuba bayizintombi. Labo yibo abalandela iWundlu noma liyaphi. Labo bathengwa ebantwini, babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ