Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




Johane 1:38 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: “Nifunani na?” Bathi kuye: “Rabi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, “uhlalaphi na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

38 UJesu waphenduka, wababona bemlandela, wathi kubo: “Nifunani na?” Bathi: “Rabi,” okusho ukuthi Mfundisi: “Uhlala kuphi na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

38 UJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Basebesithi kuye: Rabi, (okutsho ukuthi, Mfundisi,) uhlala ngaphi?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 UJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Basebesithi kuye: Rabi, (okutsho ukuthi, Mfundisi,) uhlala ngaphi?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




Johane 1:38
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho.


Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.


Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.


Ubusisiwe umuntu ongizwayo, elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.


Wena Jehova umi phakade; isihlalo sakho sobukhosi sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo.


Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo:


Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.


Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.”


INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.”


Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi:


Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu.


Wathi kubo: “Wozani nibone.” Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.


UNathanayeli wamphendula wathi: “Rabi, uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”


Lawo-ke aya kuFiliphu waseBetsayida laseGalile, acela kuye, athi: “Nkosi, sithanda ukubona uJesu.”


Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma, wathi kubo: “Nifuna ubani na?”


Waphinda wababuza wathi: “Nifuna ubani na?” Bathi: “UJesu waseNazaretha.”


Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.”


Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: “Rabi, yidla.”


Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: “Rabi, ufike nini lapha na?”


UPetru wayesehlela kuwo amadoda, wathi: “Bhekani, yimina enimfunayo; kuyindabani enize ngayo na?”


Ngakho lokhu ngibiziwe, ngizile ngingalanga. Ngakho-ke sengiyabuza ukuthi ningibizeleni na?”


Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ