Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 9:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

36 EJopha kwakukhona owesifazane othile okholwayo, ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uma lihunyushwa uDokhasi; wayenemisebenzi eminingi emihle, futhi abela abampofu izipho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 9:36
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Thina siyakugawula imithi eLebanoni njengokuswela konke kwakho, siyiyise kuwe eJopha elwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”


Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari* eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.


Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle; amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke, weqiwe njalo luthando lwakhe.


Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni.


Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.


Shesha, othandiweyo wami, ufane nensephe nesixhumo sendluzele ezintabeni zamakha.


Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.


Kanjalo obamukele amabili wazuza amanye amabili.


“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.


UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.


Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela.


yathi: ‘Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.


Yasibikela-ke ukuthi yayibonile ingelosi imi endlini yayo, ithi: ‘Thumela eJopha, ulande uSimoni othiwa uPetru


“Mina bengisemzini waseJopha ngikhuleka; ngehlelwa yisiyezi, ngabona umbono, kwehla isitsha esithile sinjengendwangu enkulu, yehliswa ezulwini ngamachopho amane, yaze yafika kimi.


Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.”


Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.


Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwane abaseMakedoniya lonke. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba nivame nokuvama kulokho,


ebongwa ngemisebenzi emihle, uma ondlile abantwana, uma engenisile izihambi, uma egezile izinyawo zabangcwele, uma esizile abahluphekayo, uma ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha,


Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;


makaniphelelise kukho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, esebenza phakathi kwethu khona lokho okuthokozisayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.


neMe Jarikhoni, neRakhoni, kanye nomkhawulo malungana neJafo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ