Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 9:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Khona ibandla lathola ukuphumula kulo lonke elaseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lisakheka. Behamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 9:31
56 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na? Ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe.


bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni;* ukuthula nokuzola ngiyakumnika khona u-Israyeli emihleni yakhe;


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi lokhu kungukuhlakanipha; ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.


wenzela ukuba umphumuze ezinsukwini ezimbi, aze ambelwe umgodi lowo ongenamthetho.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni, kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.


Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.


Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.


Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho, ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi; ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusazakufika izizwe nabakhe emizini eminingi,


Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.


bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


“Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo, yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo.


Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.


Izwi likaNkulunkulu landa, umumo wabafundi wakhula eJerusalema, nesixuku esikhulu sabapristi salalela inkolo.


Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


Ngokunjalo nani, lokhu nishisekele iziphiwo zomoya, funani ukuba nibe nazo kakhulu, ukuze kwakheke ibandla.


Kunjani, pho, bazalwane? Uma nibuthana, yilowo nalowo uba nehubo, noma isifundiso, noma ukwambula, noma izilimi, noma ukuhumusha. Konke akwenzelwe ukwakhiwa kwebandla.


Ngokuba noma ngingaze ngizibonge ngaphezulwana ngamandla ethu eyasipha wona iNkosi ukuba nakhiwe kungengukuba nibhidlizwe, angiyikujabhiswa,


Kade nicabanga ukuthi siyaziphendulela kini. Thina sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu; kepha konke, bathandwa, kwenzelwa ukwakhiwa kwenu.


Ngalokho ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze, nxa ngikhona, ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube ngawokwakha, kungabi ngawokubhidliza.


Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.


ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu,


okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo njengokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.


Kepha lapho niwela iJordani, nihlale ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona libe yifa lenu, aniphumuze ezitheni zenu zonke nxazonke ukuba nihlale nilondekile,


Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,


nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.


futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;


Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kwesabatha.


UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.


Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,


UMowabi wathotshiswa kanjalo ngalolo suku phansi kwesandla sakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisihiyagalombili.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ