Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 8:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azothu, ehamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wayofika eKhesariya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela emizini yonke, waze wafika eKesariya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 8:40
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla; ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.


Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya;


Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindele esebizile izihlobo nabangane bakhe abakhulu.


“Bhekani, ngaso leso sikhathi kwase kumi amadoda amathathu phambi kwendlu esasikuyo; ayethunyelwe kimi, evela eKesariya.


UHerode esemfunile engamfumananga, wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.


esefikile eKesariya wakhuphuka wabingelela ibandla; wehlela e-Antiyokiya.


kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.


Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.


Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi: “Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa, nabemikhonto abangamakhulu amabili,


lezo sezifikile eKesariya zanika umbusi incwadi, zamisa uPawulu phambi kwakhe.


Kwathi uFestu engenile esikhundleni, wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema;


Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu.


Kepha uFestu waphendula ngokuthi uPawulu ugcinwe eKesariya nokuthi naye usezakuya khona masinyane;


Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.


Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.


Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.


Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.


AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebeni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ