Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 8:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Kepha uPhethro wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba ucabanga ukuthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Kepha uPetru wathi kuye: “Imali yakho mayibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha uPetru wathi kuye: “Imali yakho mayibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 8:20
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova, kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.


“We nina nonke enomileyo, wozani emanzini; nani eningenamali wozani nithenge, nidle; wozani nithenge ngaphandle kwemali, yebo, iwayini nobisi, kungabizwa lutho.


Wayesephendula uDaniyeli, wathi phambi kwenkosi: “Izipho zakho mazibe kuwe, umuphe omunye imivuzo yakho; nokho ngiyakufundela inkosi umbhalo, ngiyazise incazelo.


‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ”


Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.


Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.


Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka;


Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.


Ngakho uma uNkulunkulu ebanikile bona isipho njengathi esakholwa yiNkosi uJesu Kristu, ngingubani mina ukuba ngivimbele uNkulunkulu na?”


UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


wathi: “Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.”


Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho,


Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho.


awuyikungenisa isinengiso endlini yakho, ube yinto eqalekisiweyo njengaso; uyakusenyanya nokusenyanya, unengwe nokunengwa yiso, ngokuba kuyinto eqalekisiweyo.


Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.


igolide lenu nesiliva kugwalile, nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela.


Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ