Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 5:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kwase kusuka umpristi omkhulu nabo bonke ababe naye abangabehlelo labaSadusi, bagcwala umhawu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Kwase kusuka umphristi omkhulu, nabo bonke ababenaye beqembu labaSadusi, begcwele umona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Kwasekusukuma umpristi omkhulu labo bonke ababelaye, abangabehlelo labaSadusi, bagcwala ukuthukuthela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kwasekusukuma umpristi omkhulu labo bonke ababelaye, abangabehlelo labaSadusi, bagcwala ukuthukuthela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 5:17
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.


Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama, kepha umhawu ungukubola kwamathambo.


Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.


Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.


Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?


Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,


Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona ukuthi anisizi lutho; bheka, izwe lonke liyamlandela.”


Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.


Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.


Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;


Amakhosi omhlaba aqhelile, nababusi bayihlanganyele iNkosi noGcotshiweyo wayo.’


no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu,


Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.


“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, bathengisa ngaye, wasiwa eGibithe; kodwa uNkulunkulu wayenaye,


nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.


Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na?


Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ