Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 4:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 4:20
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“UMoya kaJehova wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.


Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.


Lapho ngithi: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe,” kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.


Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova, ngikhathele ukunyamezela. “Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini, nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo, ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.


Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakho, ukhulume kubo, uthi kubo: ‘Isho njalo iNkosi uJehova,’ noma bezwa noma benganaki.”


Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.


UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.”


Bheka, ngiyaliwe ukubusisa; yena ubusisile, anginakukubuyisa.


njengalokho basinika zona labo ababekhona kwasekuqaleni, bezibonela ngamehlo, beyizikhonzi zezwi,


kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.”


kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”


Kepha sebefikile oSila noThimothewu behla eMakedoniya, uPawulu wakhathalela izwi, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.


UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke;


Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.


ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo.


nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina.


Thina singofakazi balezo zinto kanye noMoya oNgcwele uNkulunkulu amnikile labo abamlalelayo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ