Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 4:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kodwa ukuze kungabe kusanda phakathi kwabantu, asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelo gama.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Kodwa ukuze lokhu kungandi phakathi kwabantu, masibadonse ngendlebe, ukuthi bangalokothi baliphathe lelo gama kunoma ngubani.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Kodwa ukuze kungabe kusaqhubeka phakathi kwabantu, kasibasongele ukuthi bangakhulumi kumuntu ngalelibizo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kodwa ukuze kungabe kusaqhubeka phakathi kwabantu, kasibasongele ukuthi bangakhulumi kumuntu ngalelibizo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 4:17
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zase zithi izikhulu enkosini: “Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo, ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.”


“Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini, ngokuthi: ‘Ningaprofethi.’


Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: ‘Uvukile kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.”


Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.”


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;


Kwathi ukuba induna yethempeli nabapristi abakhulu bezwe lawo mazwi, basambatheka ngawo ngokuthi kungaba yini lokho na?


wathi: “Saniyala nokuniyala ukuba ningafundisi ngalelo gama; bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalowo muntu phezu kwethu.”


Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.


Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina, lwafika, angisho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.


owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ