Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 3:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 “UNkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wokhokho bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawokhokho bethu, uyikhazimulisile iNdodana yakhe uJesu; enamkhaphela nina, namphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukumkhulula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawokhokho bethu, uyikhazimulisile iNdodana yakhe uJesu; enamkhaphela nina, namphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukumkhulula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 3:13
46 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Bheka lapho ngifika kubantwana bakwa-Israyeli, ngithi kubo: ‘UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini,’ bese bethi kimi: ‘Ngubani igama lakhe?’ ngizakuthini kubo na?”


UNkulunkulu wathi futhi kuMose: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini.’ Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”


“Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.


bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”


‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.”


bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;


Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.


Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.”


Wayesethi uPilatu kubapristi abakhulu nakuzo izixuku: “Angifumani cala kulo muntu.”


“Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.


Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.


Khona babuye bamemeza bonke, bathi: “Qha lona, kodwa uBaraba.” Kepha uBaraba wayengumphangi.


UJesu waphendula wathi: “Ngabe awunamandla neze phezu kwami, ukuba awuwanikwanga ngaphezulu. Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu.”


Ngalokho uPilatu wayefuna ukumkhulula. Kepha abaJuda bamemeza bathi: “Uma ukhulula lona, awusiye umhlobo kaKesari; osuka ezenza inkosi, umelene noKesari.”


Ngakho bamemeza bathi: “Susa, susa, mbethele esiphambanweni!” Wathi kubo uPilatu: “Ngibethele inkosi yenu na?” Abapristi abakhulu baphendula bathi: “Asinankosi, uKesari kuphela.”


Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.


“Wayesethi: ‘UNkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe,


Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;


Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?


UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”


“Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo


ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”


‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa.


abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.


kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ