Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 26:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawulu, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Esazikhulumela lokho, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Uyahlanya, Pawulu; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 26:24
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehu waphumela ezincekwini zenkosi yakhe; enye yathi kuye: “Konke kusalungile na? Luzeleni lolo hlanya kuwe na?” Wathi kuzo: “Nina niyamazi lowo muntu nakukhulumileyo.”


‘UJehova ukubeke umpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi ukuba nibe yizinduna zabo bonke abantu abahlanyayo nabaprofethayo endlini kaJehova ukuze ubafake esitokisini* nasemaketangeni;


Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;


Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.


Ngakho abaJuda bamangala bathi: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”


Baphendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?”


Bathi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni; u-Abrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi: ‘Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akuzwa ukufa naphakade.’


Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.”


“Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.”


Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo, uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,”


Kepha sekuphelile iminyaka emibili, uFeliksi walandelwa nguPorkiyu Festu; kodwa uFeliksi efuna ukubongwa ngabaJuda washiya uPawulu eboshiwe.


Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.


kepha thina sishumayela uKristu obethelwe esiphambanweni, isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe,


Thina siyiziwula ngenxa kaKristu, kepha nina nihlakaniphile kuKristu; thina sibuthakathaka, kepha nina ninamandla; nina niyadunyiswa, kepha thina siyadunyazwa.


Ngokuba noma sigcwaneka, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.


nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ