Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 26:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 kodwa ngamemezela kwabaseDamaseku kuqala, nakwabaseJerusalema, nakulo lonke iJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 26:20
56 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula, iphendukele kuJehova, nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.


Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.


“Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’


Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.


Masiphenye, sicinge izindlela zethu, sibuyele kuJehova.


Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho, ugcine umusa nokulunga, ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.


Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.


“Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!”


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”


Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”


Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke.


Abaningi kubantwana bakwa-Israyeli uyakubaphendulela eNkosini uNkulunkulu wabo.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.


Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”


Ngithi kini: Kanjalo kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni sisinye esiphendukayo.”


Ngithi kini: Kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangasweli ukuphenduka.


Bathi ukuzwa lokho, bathula, badumisa uNkulunkulu, bathi: “Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.”


“Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu,


Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,


UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.


ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo


“Ngalokho, nkosi Agripha, angibanga ngongawulaleliyo umbono wasezulwini,


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,


Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini.


Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?


kepha nxa iphendukela eNkosini, indwangu iyasuswa.


Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.


Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo,


Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, nishiya izithombe, ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,


futhi bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu babo nangenxa yezilonda zabo; kepha abaphendukanga emisebenzini yabo.


ngamnika isikhathi sokuba aphenduke, kepha kavumi ukuphenduka ekufebeni kwakhe.


ngakho khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala; uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngilususe uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma ungaphenduki.


ngakho-ke khumbula ukuthi wamukele wezwa kanjani, kugcine, uphenduke. Ngokuba uma ungalindi, ngiyakuza kuwe njengesela, kawusoze walazi ihora engiyakuza ngalo kuwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ