Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 22:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “Wayesethi: ‘UNkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 “Wayesethi: ‘UNkulunkulu wokhokho wakumisela phambilini ukuba uyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Wathi: “UNkulunkulu wawobaba ukukhethile ukuba wazi intando yakhe, umbone oLungileyo, uzwe izwi lomlomo wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wathi: “UNkulunkulu wawobaba ukukhethile ukuba wazi intando yakhe, umbone oLungileyo, uzwe izwi lomlomo wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 22:14
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

washiya uJehova uNkulunkulu wawoyise, kahambanga ngendlela kaJehova.


UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: “Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.”


Jehova, Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, obaba, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondisele inhliziyo yabo kuwe,


Nakuyo yonke imizi yakwaJuda, imizi ngemizi, wenza izindawo eziphakemeyo zokuba ashisele abanye onkulunkulu impepho, wamcunula uJehova uNkulunkulu wawoyise.


bonke ababebhekisa izinhliziyo zabo ukufuna uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu wawoyise, noma kungenjengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”


Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,


UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso kimi; unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa, noNkulunkulu kababa: ngizakumphakamisa.


“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.”


Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobaba ongiphile ukuhlakanipha namandla, wangazisa esasikucela kuwe, ngokuba usazisile indaba yenkosi.”


Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.


ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo.


ngambona; wathi kimi: ‘Khawuleza uphume masinyane eJerusalema, ngokuba abazukwamukela ubufakazi bakho ngami.’


Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;


Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho,


UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini;


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? Bababulala ababememezela ngaphambili ukuza koLungileyo, eseningabakhapheli nababulali bakhe,


INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,


Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,


Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,


Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,


ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi.


Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na?


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Ngokuba nami angilamukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kepha ngilithole ngokwambulelwa nguJesu Kristu.


Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe


UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,


UPawulu, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Kristu ngokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nangokokwazi iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu,


“Ongenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,”


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ