Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 21:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ogwini, sakhuleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ogwini, sakhuleka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 21:5
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lo mkhuleko nalokho kunxusa kuJehova, wasuka e-altare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe, izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.


Wonke uJuda wayemi phambi kukaJehova, nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo.


Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo suku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozisile ngentokozo enkulu; nabesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.


Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.


Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.


Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.”


Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka,


Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya, balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu.


Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni* labaJuda.


Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka.


belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe. Base bemphelekezela, baya emkhunjini.


Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ