Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




IzEnzo 21:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 UPawula esewabingelele, wawalandisa ngakho konke, ngakunye ngakunye, uNkulunkulu ayekwenze kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 Wababingelela, wabalandisa ngazo zonke izinto uNkulunkulu abezenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wababingelela, wabalandisa ngazo zonke izinto uNkulunkulu abezenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




IzEnzo 21:19
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nokubingelelwa ezigcawini, nokubizwa ngabantu ngokuthi ‘Rabi’.


ngokuba wayebalwe kanye nathi, wathola isabelo kule nkonzo.”


Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.


Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe.


Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga, bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo.


Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.


Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla.


Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu –


engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ